Master Auto Electrical

Call Directions Website Contact the business

Master Auto Electrical All automotive wiring
Starters & Alternators &Diagnosis
Don't Push Just Start! Auto Service and Diagnostic

14/10/2026
13/10/2026

Amaphoyisa athungatha umsolwa osolwa ngokudubula abulale abaphathi uThembeka obenguMphathi wesitolo , uLulama, umphathi wase Bakery kanye noThandiwe Sthole. esitolo esikhulu sokudla uBoxer eShowe KwaZulu-Natal.

Ngokwemibiko kuthiwa umsolwa ubesebenza kulesi esitolo ngesikhathi enza lomkhuba, yize ebebhekene nezinsolo zokungaziphathi kahle emsebenzini.

NgoMgqibelo ekuseni, bekulindeleke ukuthi kukhishwe isinqumo sokugcina mayelana necala lakhe lokuqondiswa kwezigwegwe. Umhlangano wokulalelwa kwecala uqale ngezithuba zabo-10 ekuseni.

Inyunyana iSouth African Commercial and Allied Workers Union, emele iningi labasebenzi basezitolo ezinkulu, itshele abezindaba ukuthi umsolwa utshelwe ukuthi isinqumo somhlangano sithi kufanele axoshwe emsebenzini.

Kuthiwa ngemuva kokuzwa lesi sinqumo, umsolwa ucele ukuyokhuluma nomunye wabaphathi. Uvunyelwe ukuya ehhovisi lomphathi, kodwa kulelo hhovisi bekuhlala abaphathi abathathu kulona.

Kusolwa ukuthi umsolwa ukhiphe isibhamu wabadubula bobathathu abebekulelo hhovisi, bashonela khona endaweni yesigameko.

Ngemuva kwalokho, umsolwa kusolwa ukuthi ubalekile, kanti amaphoyisa athungatha umkhondo wakhe.

Kuphinde kwaphakanyiswa imibuzo ngokuthi umsolwa ukwazile kanjani ukungena kulesi sikhungo ephethe isibhamu.

Inyunyana iveze nokuthi abasebenzi abaningi basezitolo bakhala ngezimo zokusebenza, okuhlanganisa ukukhuphuka kwezindleko zokuphila namahora amade okusebenza.

12/10/2026

ISekela likaNobhala-Jikelele wokuqala we-ANC, uNomvula Mokonyane, usole uNgqongqoshe wezaseKhaya, uLeon Schreiber, ngokuba nesandla odabeni lwesiphithiphithi esidalwe yisinqumo seNkantolo yoMthethosisekelo esiphathelene nabafuna ukukhoseliswa eNingizimu Afrika.

Lokhu kulandela umbuzo obuzwe isakhamuzi uDenis Mathebula, obefuna ukwazi ukuthi kungani abantu kufanele bathembe uhulumeni, athi “uthengisa izwe kubantu bakwamanye amazwe njengoba usubavumele ukuba babe ngabaseNingizimu Afrika.”

Ephendula, uMokonyane ngesikhathi ekhankasa ngokuvakashela imizi eBokweni, eMpumalanga, uthe uMnyango wezaseKhaya manje uholwa ngungqongqoshe we-DA. Uqhube wathi ngemuva kwesinqumo seNkantolo yoMthethosisekelo esithinta abafuna ukukhoseliswa, kube nguSchreiber obhale wathi abokufika mabazobhaliswa, njengoba kunguyena ophethe lo mnyango njengamanje ngakho-ke bona njenge ANC abanasici kulokhu.

14/08/2026

Back on the drawing board

03/08/2026

moments

Address

D24 Ematsheni Street Lindelani
Durban
4359

Opening Hours

Monday 09:00 - 17:00
Tuesday 09:00 - 17:00
Wednesday 09:00 - 17:00
Thursday 09:00 - 17:00
Friday 09:00 - 17:00
Saturday 08:00 - 14:00

Telephone

+27729988554

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Master Auto Electrical posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Business

Send a message to Master Auto Electrical:

Shortcuts

Share